Ngokohlelo lobulungiswa olunqanda ubugebengu, izenzo zaloluhlobo zihlangatshezwa ngesiko lobulungiswa bokujezisa. Uma utholwe unecala yinkantolo, abonile bajeziswa ngokufakwa ngaphansi kohlelo lokugadwa eMnyangweni wokuLungisa iziMilo, isigwebo sokubhadla ejele, ukukhokha inhlawulo noma ingxube yalokhu okuphawuliwe.
UMnyango wokuLungisa iziMilo usubuye wanquma ukusungula iqhinga elaziwa ngoBulungiswa bokuBuyisana njengegalelo elinqala. Loluhlelo luncike elwazini lokuthi ubelelesi yisenzo esibhekiswe kulowo ohlukunyezwayo kanye nasemphakathini futhi kuhloswe ngalo ukuhlangabezana nezingqinamba ezikhona njengamanje ohlelweni lobulungiswa. Akuhlosiwe ngalo ukuthi luthathe indawo yobulungiswa obusebenza ngokujezisa lowo owonile kodwa injongo wukunonophalisa uhlelo lobulungiswa jikelele.
Yini uBulungiswa bokuBuyisana?
Ngokomsebenzi wokuLungisa iziMilo, uBulungiswa bokuBuyisana bungachazwa njengesenzo sokuqinisa idolo lowo noma labo abahlukumezeke ngenxa yobelelesi. Loluhlelo lugcizelela ukubaluleka kweqhaza labahlukumezekile, imindeni namalunga omphakathi ngokubenza babe yingxenye yohlelo lobulungiswa. Luhlose ukubophezela labo abenze icala ekubeni babhekana nalabo abahlukunyeziwe nokwenza umzamo wokuthi babuyiselwe esimweni ababekuso phambilini, singabala izindleko nomonakalo owadaleka. Lunika ithuba lokuxazulula, ukukhulumisana, ukubonisana nokusombulula izinkinga nokungaholela ekupholeni, isimo esingcono sokuphepha nokukhuthaza indlela elula yokubuyisela emphakathini labo akade beboshiwe.
Ubulungiswa bokuBuyisana bugcizelela ukubaluleka kokuphakamisela phezulu iqhaza labahlukunyeziwe kanye nomphakathi ngokubenza babe yingxenye yohlelo lobulungiswa, ukwenza izelelesi zibhekane ngqo nabantu aboniwe nokuveza amathuba okubonisana, okukhuluma nokuxazulula izinkinga.
Ubulungiswa Bokubuyisana behluke kakhulu ohlelweni lobulungiswa obuhambisana nokujezisa. Kuwubulungiswa ukufaka igalelo elikhulu nokunika umdlandla ngekusasa hhayi nje kulokho osekwedlule. Lobulungiswa bugcizelela lokho okumele kwelashwe, okudinga ukukhokhwa noma kubuyiswane ngakho nokufanele kube yisifundo uma kwenzeke icala. Okunye futhi, lobulungiswa bubheka lokho okumele kuqiniswe uma sifuna ukuqiniseka ngokuthi ngeke kwaphindeka esikhathini esizayo.
Ukuqinisa umphakathi ngenhloso yokugwema omunye umonakalo ongenzeka.
Ukulungisa izimilo - umthelela wokuncipha kokuminyana nokuphindela kwabantu ebugebengwini, ukwenyuka kwesibalo sabangena ezinhlelweni zokubuyisa kabusha izimilo nokuphakama kwezinga leqhaza elibanjwa wumphakathi.
Isazelo nethemba elidalwa wukuvuma izenzo ezimbi ezidaliwe kanye nezenzo zokubathoba inhliziyo nokubuyisana.
Ukwehla kwezinga lokwesaba.
Ukuthuthuka kwezinga lozwelo nokwemukela lowo obekwe icala.
Zinhlelo zini ezilindelwe ngaphansi koBulungiswa bokuBuyisana?
Njengoba uhlelo loBulungiswa bokuBuyisana lugxiliswe esingathekisweni sokuthi ubelelesi buholela emonakalweni kulabo abahlukunyezwayo, imiphakathi kanye naboni, kuyiqiniso-ke ukuthi zonke izinhlangothi ezithintekayo kumele zihlanganiswe uma kubhekwana nomthelela wecala. Laba abalandelayo bathathwa njengabathintekayo nokumele babambe iqhaza.
Izinhlangano ezingasebenzeli-nzuzo, izinhlangano zomphakathi kanye namavolontiya.
Kunezinkomba zokuthi uBulungiswa bokuBuyisana buya ngokudlondlobala emhlabeni jikelele. Imibutho exubile yohulumeni abahlanganyele ayalwemukela uhlelo loBulungiswa bokuBuyisana. Ngo 1999, iKomidi yoNgqongqoshe boMkhandlu wamazwe aseYurophu yemukela izincomo zokusetshenziswa komxazululi ngezindaba eziphathelene namacala.
Ibhuku loBulungiswa lwabahlukumezekile leZizwe zoMhlaba eziBumbene lakuvuma ukuthi "isakhiwo soBulungiswa bokuBuyisana sibandakanya lowo owonile, ohlukunyeziwe kanye nomphakathi wonkana ngomzamo wokubumba inqubo enozwano eqondiswe kulowo owonile, kuthi ngaso lesosikhathi kubhekelwe ohlukunyeziwe. Inkokhelo yohlukunyeziwe iwumongo wohlelo loBulungiswa bokuBuyisana emazweni amaningi asathuthuka."
Izinyathelo zemithetho eshaywayo seyinciphise izingqinamba zokusetshenziswa kwezinhlelo zokubuyisana. Sezikhuthaze izinyathelo zomthetho zokusebenzisa izinhlelo zokubuyisana, ukuhlahla indlela nokuhlela kahle izinhlelo zokubuyisana nokuvikela amalungelo abonile kanye nabahlukunyeziwe.
Siyenyuka isibalo sezinhlelo zobulungiswa bokubuyisana emhlabeni. Zingaphezulu kuka 500 izinhlelo zokuxazulula eYurophu kanti zingaphezu kuka 300 eMelika. Ucwaningo lwezinhlelo zobulungiswa bokubuyisana nemisebenzi efuze lena eCanada yaholela ekubhalisweni okungu 100.
Iqhinga lobulungiswa bokubuyisana aliyona into entsha lapha eNingizimu Afrika futhi kunezigigaba lapho lemigomo seyivele isebenza ngandlela thize.
Ikomidi eyaziwa kakhulu yaMaqiniso nokuBuyisana ebigxile kabanzi ebubini obenziwa kubantu baseNingizimu Afrika, kwakuyisenzo soBulungiswa Bokubuyisana. Yayiveza isimo sesidingo sokuthi labo abahlukunyezwa bazwakalise uvo nokuthola isisombululo ngesimo sabo njengabantu abahlukumezeka. Lokhu kwenzeka ngohlelo lokwethula ubufakazi ngabahlangabezana nakho empilweni nokuthola ithuba lokulalela okushiwo yilabo ababahlukumeza.
UMnyango wezeNhlalakahle uhola uHlelo lokuHlomulisa labo abaHlukumezeka. Loluhlelo luhlose ukufaka ngaphakathi ohlelweni lobulungiswa abantu abahlukumezeka. Iqhinga likaZwelonke lokuNqanda uBelelesi (National Crime Prevention Strategy) luchaza kanje " yimpendulo ngomthelela wobelelesi obenzeka kwabahlukumezekile. Nakuba leliqhinga linegalelo elingaqondile ngqo ekunciphiseni ubelelesi, injongo enkulu wukulalelisisa lokho okuphawulwa ngabahlukunyezwa. Kuyiqiniso elemukelekayo ukuthi ukuhlomulisa nokuqinisa idolo abahlukunyezwa kunciphisa nomunye umthelela, kugqugquzele ukusebenzisana nohlelo lobulungiswa, kuvuselela indlela yokuziphatha emphakathini, kuthena amandla abafuna ukwenza ubelelesi noma abakucabangayo bese kukhuthaza isenzo sokweseka uhlelo lobulungiswa."
Iqhinga lokuphoqa abantu abatholwe benecala ukuba benze imisebenzi yomphakathi liya ngokwanda lapha eNingizimu Afrika. Ukusebenzela umphakathi kuwusizo kanti kwenziwa emphakathini othintekayo ngamalunga atholwe enecala elithile. Lesisigwebo singagixabezwa abonile nabagwetshelwe ukuthi bagadwe ngabalungisa izimilo.
Kulandela izinguquko eMthethweni wemiSebenzi yokuBuyisa izimilo ngo 1995, ikomidi exube ongqongqoshe yasungulwa ngenhloso yokubheka izinguquko ohlelweni lokwakha kabusha izingane nentsha eNingizimu Afrika.
Ngesikhathi idweba umhlahlandlela wenqubo-mgomo yohlelo lokwakha kabusha izingane nentsha, ikomidi laphakamisa lokhu: "indlela yokubhekana nesimo sengane esecaleni kumele ixube: ukuxazulula ukushayisana okukhona, ukubandakanywa komndeni nomphakathi uma kuthathwa isinqumo, ukwamukela nokubeka eceleni iqhaza lomphakathi".
Ukusombulula indlela yokuziphatha ewubelelesi wudaba olujulile nolungeke lwaphethwa ngokuphelele wuhlelo lobulungiswa bokubuyisana nje kuphela. Ukuthoba amanxeba obelelesi, kumele kube nohlelo olunika amathuba okuxazulula, ukuxoxisana, ukukhuluma nokusombulula izinkinga nalabo abahlukumezeka kanye nemiphakathi eyingxenye yohlelo. UMnyango wokuLungisa iziMilo uzibophezelele ekukhuthazeni loluhlelo kodwa lempumelelo yencike oxhasweni nasekwesekweni ngabantu bakuleli.
Asisebenzisane ekwakheni umphakathi ophephile.
Asisebenzisane senze izwe elingcono.
Yeseka uBulungiswa bokuBuyisana, yandisa lelikhwelo.
Ishicilelwe yasatshalaliswa yiNgosi yokuXhumana eMnyangweni wokuLungisa iziMilo - njengomsebenzi ofanele esizweni.
Siyaziqhenya ngokusebenzela isizwe.
